Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke. Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi. Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.” Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.
Funda NgokukaMarku 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 14:22-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo