Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”
Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”
UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”
Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?”
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.”
UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli