NgokukaMarku 1:1-8

NgokukaMarku 1:1-8 ZUL59

Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi: “Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho esiyakulungisa indlela yakho,” – “izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,’ ” kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle. Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 1:1-8