UMika 6:6-8

UMika 6:6-8 ZUL59

Ngiyakusondela kuJehova nginantoni, ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na? UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na? Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

Funda UMika 6

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UMika 6:6-8