Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!” Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.” Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.” Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe.
Funda NgokukaMathewu 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 9:27-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo