NgokukaMathewu 9:14-17

NgokukaMathewu 9:14-17 ZUL59

Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?” UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila. Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka. Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”

Video for NgokukaMathewu 9:14-17