Kwathi ebona izixuku, wenyukela entabeni; esehlezi phansi, abafundi bakhe beza kuye. Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba. Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa. Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu. Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
Funda NgokukaMathewu 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 5:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo