Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba. Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.
Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ”
Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” Kepha uJesu wathula.
Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”
UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.”
Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. Nithini na?”
Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.”
Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula, bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?”
Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”
Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.”
Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.”
Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”
Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.”
Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”
Masinyane lase likhala iqhude. UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.