Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.” Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima. Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi. Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
Funda NgokukaMathewu 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 26:36-46
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo