NgokukaMathewu 26:20-54

NgokukaMathewu 26:20-54 ZUL59

Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili. Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.” Badabuka kakhulu, baqala ukusho kuye, kwaba yilowo, nalowo, ukuthi: “Kungaba yimi, Nkosi, na?” Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.” Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?” Wathi kuye: “Usho khona.” Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.” Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: “Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.” Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo. Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke’; kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.” UPetru waphendula, wathi kuye: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.” UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.” UPetru wayesethi kuye: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Basho njalo nabafundi bonke. Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.” Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.” Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima. Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelo zwi. Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.” Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe. Kepha omkhaphelayo wayebanike isiboniso sokuthi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.” Wafika masinyane kuJesu, wathi: “E Rabi!” Wamanga. UJesu wayesethi kuye: “Mngane, ubabeleni na?” Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba. Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe. UJesu wayesethi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba. Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na? Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?”