Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu, wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu. Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela. Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?” Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.’ ” Abafundi benza-ke njengokuba uJesu ebayalile; balungisa iphasika. Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili. Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.” Badabuka kakhulu, baqala ukusho kuye, kwaba yilowo, nalowo, ukuthi: “Kungaba yimi, Nkosi, na?” Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.” Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi, na?” Wathi kuye: “Usho khona.”
Funda NgokukaMathewu 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 26:14-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo