Kwathi uJesu eseqedile onke lawo mazwi, wathi kubafundi bakhe: “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.” Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase. Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Kepha bathi: “Makungabi ngomkhosi, funa kube khona isiyaluyalu esizweni.”
Funda NgokukaMathewu 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 26:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo