NgokukaMathewu 25:40-45

NgokukaMathewu 25:40-45 ZUL59

“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’ “Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe. Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga; ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambanga.’ “Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’ “Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 25:40-45