“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni. Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile. Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha. Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo. Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala. “Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’ “Khona zavuka lezo zintombi zonke, zalungisa izibani zazo. Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ “Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’ “Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango. “Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: ‘Nkosi, nkosi, sivulele.’ “Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’
Funda NgokukaMathewu 25
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 25:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo