Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu. Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi. Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo. “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi. Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
Funda NgokukaMathewu 24
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 24:3-14
7 Days
New Year. A New Day. God created these transitions to remind us that He is the God of New Beginnings. If God can speak the world into existence, He can certainly speak into the darkness of your life, creating for you a new beginning. Don’t you just love fresh starts! Just like this reading plan. Enjoy!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo