NgokukaMathewu 24:15-21

NgokukaMathewu 24:15-21 ZUL59

“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha. Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 24:15-21

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 24:15-21