NgokukaMathewu 23:1-12

NgokukaMathewu 23:1-12 ZUL59

Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi; babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo. “Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho. Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’. “Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu. Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu. Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 23:1-12

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo