NgokukaMathewu 22:15-33

NgokukaMathewu 22:15-33 ZUL59

Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi. Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?” Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na? Ngitshengiseni imali yokuthela,” bamtshengisa udenariyu.* Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi: “NgokaKesari.” Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka. Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’ Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo. Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa. Emva kwabo bonke wafa umfazi. Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?” Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu. Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi: ‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.” Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe.