“Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe. “Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe. Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala; benze njalo nakulezo. Ekugcineni wathuma kubo indodana yakhe, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’ “Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’ Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala. “Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze njani labo balimi na?” Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.” UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi; lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na? “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo. Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.” Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo. Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.
Funda NgokukaMathewu 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 21:33-46
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo