NgokukaMathewu 17:1-13

NgokukaMathewu 17:1-13 ZUL59

Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.” Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.” Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.” Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa. Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.” Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?” Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke. Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.” Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.