NgokukaMathewu 14:13-14

NgokukaMathewu 14:13-14 ZUL59

Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.