“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga. “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Funda NgokukaMathewu 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 13:44-50
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo