Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “ ‘Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa; ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.’
Funda NgokukaMathewu 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 13:10-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo