NgokukaMathewu 10:1-8

NgokukaMathewu 10:1-8 ZUL59

Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.

Ividiyo ye- NgokukaMathewu 10:1-8