NgokukaLuka 9:12-17

NgokukaLuka 9:12-17 ZUL59

Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.” Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.” Benze njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.