Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. Kuthe besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini. Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.” Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?” Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni.
Funda NgokukaLuka 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 8:22-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo