NgokukaLuka 7:36-49

NgokukaLuka 7:36-49 ZUL59

Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni. Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha, wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha. Kuthe umFarisi obemmemile ekubona, wazindla wathi: “Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.” Wathi: “Khuluma-ke, Mfundisi.” “Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu* abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?” USimoni waphendula wathi: “Ngithi yilowo amyekela okukhulu.” Wathi kuye: “Unqume kahle.” Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.” Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.” Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi: “Ngubani lo othethelela nezono na?”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 7:36-49