NgokukaLuka 6:32-38

NgokukaLuka 6:32-38 ZUL59

“Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu. “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”

Ama vidiyo ahlobene nalokhu

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 6:32-38