Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?” UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.”
Funda NgokukaLuka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 6:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo