Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Washiya konke, wasukuma, wamlandela. ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni. AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?” Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.” Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.” Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.” Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha. Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”
Funda NgokukaLuka 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 5:27-39
5 Days
Repentance is one of the key actions we all take in coming to know Christ as our personal Savior. Repentance is our action and forgiveness is God's reaction to us out of His perfect love for us. During this 5-day reading plan, you will receive a daily Bible reading and a brief devotional designed to help you better understand the importance of repentance in our walk with Christ. For more content, check out www.finds.life.church
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo