NgokukaLuka 4:16-20

NgokukaLuka 4:16-20 ZUL59

Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.” Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela.

Ama vidiyo ahlobene nalokhu

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 4:16-20