NgokukaLuka 22:24-30

NgokukaLuka 22:24-30 ZUL59

Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu. Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle. Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo. Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo