NgokukaLuka 22:1-23

NgokukaLuka 22:1-23 ZUL59

Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu. Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo. Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali. Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku. Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika. Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.” Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?” Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.” Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye. Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.” Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.” Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.