NgokukaLuka 2:1-20

NgokukaLuka 2:1-20 ZUL59

Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo. Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.” Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni. Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo