Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.” Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo. Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba. Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?” Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.” Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.” UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.
Funda NgokukaLuka 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 18:31-43
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo