NgokukaLuka 17:11-17

NgokukaLuka 17:11-17 ZUL59

Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!” Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 17:11-17