NgokukaLuka 12:25-31

NgokukaLuka 12:25-31 ZUL59

Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na? Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na? “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 12:25-31

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo