UJesu waphendula wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje. Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyo ndlela; wathi embona, wamgwemela. Kanjalo nomLevi, efika kuleyo ndawo embona, wamgwemela. Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela; waya kuye, wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina. Ngangomuso wakhipha odenariyu* ababili, wabanika umninindlu, wathi kuye: ‘Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.’
Funda NgokukaLuka 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 10:30-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo