NgokukaLuka 10:17-20

NgokukaLuka 10:17-20 ZUL59

Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: “Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.” Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi. Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho. Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”