NgokukaLuka 1:28-38

NgokukaLuka 1:28-38 ZUL59

Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.” UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye.