NgokukaLuka 1:26-56

NgokukaLuka 1:26-56 ZUL59

Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha, entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya. Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.” UMariya wathi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu. Bheka, u-Elisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.” UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; akube kimi njengezwi lakho.” Ingelosi yamuka kuye. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda. Wangena endlini kaZakariya, wambingelela u-Elisabethe. Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.” Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa Nkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele. Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise ze. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokho akusho kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.” UMariya wahlala naye kungathi izinyanga ezintathu, wabuyela ekhaya.