UJoshuwa 6

6
Ukuchithwa kweJeriko
1IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.
2UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikele esandleni sakho iJeriko, nenkosi yalo, namaqhawe anamandla. 3Niyakuhaqa umuzi, onke amadoda empi, niwuzungeze umuzi kanye. Uyakwenze njalo izinsuku eziyisithupha. 4Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo. 5Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”
6UJoshuwa indodana kaNuni wabiza abapristi, wathi kubo: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, abapristi abayisikhombisa bathwale amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova.” 7Kubantu wathi: “Dlulani, niwuzungeze umuzi, abahlomileyo badlule phambi komphongolo kaJehova.”
8Kwathi lapho uJoshuwa esekhulumile kubantu, abapristi abayisikhombisa bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi kukaJehova badlula, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela. 9Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba. 10UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.” 11Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzungeze umuzi, wawuhaqa kanye; base befika ekamu,* balala ubusuku ekamu.
12UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova. 13Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba. 14Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu;* benze njalo izinsuku eziyisithupha.
15Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ukuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa. 16Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi. 17 Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo. 18 Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo, funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo, nilenze ikamu* libe ngeliqalekisiweyo, nilihluphe. 19 Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”
20 Abantu base bekhamuluka, amacilongo abethwa; kwathi lapho abantu bezwe ukukhala kwecilongo, abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo, abantu benyukela emzini, yilowo nalowo waqonda phambili nje, bawuthatha umuzi. 21Baqalekisa konke okusemzini, isilisa nesifazane, abasha nabadala, nezinkabi, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.
22UJoshuwa wathi kulawo madoda amabili ayelihlolile izwe: “Ngenani endlini yesifebe, nikhiphe kuyo owesifazane nabo bonke anabo, njengalokho namfungela.” 23Izinsizwa ezaziyizinhloli zangena, zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo, zakhipha bonke abomuzi wakhe, zababeka ngaphandle kwekamu* lakwa-Israyeli.
24Bawushisa umuzi ngomlilo, nakho konke okukuwo; isiliva kuphela, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi bakufaka endlini yengcebo endlini kaJehova. 25Kepha uRahabi isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke anabo, uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla, lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.
26 UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”
27UJehova wayenaye uJoshuwa; udumo lwakhe lwalukhona ezweni lonke.

Okuqokiwe okwamanje:

UJoshuwa 6: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume