UJona 4:1-4

UJona 4:1-4 ZUL59

Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela. Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi; ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.” Wayesethi uJehova: “Wenza kahle ngokuthukuthela na?”

Funda UJona 4