“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu. Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade. “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono; naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova. Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.
Funda UJoweli 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJoweli 2:25-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo