UJobe 7

7
UJobe ukhala kuNkulunkulu ngobunzima bokuhamba komuntu
1“Umuntu akasempini yini emhlabeni,
imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?
2Njengenceku ekhefuzelela ithunzi,
nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,
3kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi;
ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.
4Lapho ngilala phansi,
ngisho ngithi:
‘Ngingavuka nini,’
ngokuba ubusuku bude;
ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.
5Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli;
isikhumba sami siyaphola,
sibuye sibhicike.
6 “Imihla yami iyashesha kunesaluko,
iphela ingenathemba.
7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya;
iso lami aliyikubuye libone okuhle.
8Iso longibonayo alisayikungibuka;
amehlo akho esekimi, angisekho.
9Ifu liphela lihamba;
kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.
10 Kasayikubuyela endlini yakhe;
indawo yakhe ayisayikumazi.
11“Ngalokho nami angiyikubamba
umlomo wami;
ngiyakukhuluma osizini lomoya wami,
ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.
12Ngilulwandle yini,
ngingumkhomo yini,
ukuze ungibekele abalindi?
13Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza,
ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,
14uyangesabisa ngamaphupho,
ungethusa ngemibono,
15ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywa
nokufa kunalawa mathambo ami.
16Ngiyanengwa yiwo;
mangingahlali njalo;
ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.
17 Uyini umuntu ukuba umkhulise,
nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,
18nokuba umhambele ekuseni njalo,
umhlole njalonjalo, na?
19Koze kube nini uyeka ukungibheka na?
Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.
20Noma ngonile,
ngenzeni kuwe mlindi wabantu na?
Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho,
ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?
21Awuthetheleli ngani isiphambeko sami,
ususe isono sami, na?
Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini;
uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 7: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume