UJobe 5
5
Inkulumo yokuqala ka-Elifazi isaqhubeka: ukubhubha koyisiwula; ukuphakanyiswa kolungileyo
1“Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na?
Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?
2Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka,
nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.
3 Mina ngibonile isiwula sigxilile,
kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.
4Abantwana baso bakude nokusindiswa,
bachotshozwa esangweni;
akakho obophulayo,
5abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,
bakukhipha nasemeveni;
abanxanelayo basezela impahla yabo.
6Ngokuba usizi aluveli othulini,
nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,
7ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,
njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.
8“Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu;
kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,
9 yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,
izimangaliso ezingenakubalwa,
10yena onisa imvula emhlabeni,
athume amanzi ebusweni bamasimu,
11 ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyo
baphakanyiselwe ukusindiswa.
12 Uyachitha amacebo abanobuqili,
ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.
13 Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo;
isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.
14 Emini bahlangana nobumnyama,
baphumputha emini njengasebusuku.
15Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo,
yebo, abampofu esandleni sonamandla.
16 Ompofu usenethemba;
ububi buvala umlomo wabo.
17 “Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;
ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.
18 Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu,
ubuye abophe;
uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.
19 Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha;
yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.
20 Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni
nasempini emandleni enkemba.
21Uyakufihlwa enkalivasini* yolimi;
awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.
22Uyakuhleka incithakalo nendlala,
nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.
23 Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle;
izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.
24Uyakwazi ukuthi itende lakho linokuthula;
uyakuhambela indlu yakho,
awuyikusilalelwa lutho.
25Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu,
abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.
26Uyakufika ethuneni usuthi ngobudala
njengeqhinqa lamabele ngesikhathi salo.
27Bheka, lokho sikuphenyile; kunjalo;
kuzwe, uzazele khona.”
Okuqokiwe okwamanje:
UJobe 5: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.