UJobe 35

35
U-Elihu uthi: UNkulunkulu umelwe ukufunwa ngokuthobeka
1U-Elihu wathatha wathi:
2“Usho uthi lokhu kulungile na?
Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’
3 njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’
nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza,
uma ngonile, na?’
4“Ngizakukuphendula mina ngamazwi,
wena nabangane bakho.
5Bheka ngasezulwini, ubone,
uqaphele amafu aphakeme kunawe.
6 Uma wona, wenzani kuye na?
Uma iziphambeko zakho ziziningi,
wenzani kuyena na?
7 Uma ulungile, umnikani yena,
noma umukelani esandleni sakho na?
8Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe,
nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.
9“Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo;
bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.
10Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami,
ozwakalisa amahubo ebusuku,
11osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba,
asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’
12Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi,
kepha akaphenduli.
13Impela uNkulunkulu akezwa okuyize,
uSomandla akayikukunakekela;
14 kakhulu kangakanani,
lapho uthi awumboni
nokuthi, noma icala liphambi kwakhe,
usamhlalela, na?
15 Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi,
anganaki kakhulu iziphambeko,
16 uJobe uvulela ize umlomo wakhe;
uyandisa amazwi engenalwazi.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 35: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume