UJobe 34

34
U-Elihu uvikela ukulunga kukaNkulunkulu
1U-Elihu wathatha wathi:
2“Yizwani amazwi ami,
nina zihlakaniphi,
nibeke indlebe kimi nina zazi.
3 Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi,
njengokuba ulwanga luzwa ukudla.
4Masizikhethele okulungileyo,
sazi phakathi kwethu okuhle.
5 Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile;
uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.
6 Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga;
inxeba lami alinakupholiswa,
noma ngingenasiphambeko.’
7 Ngumuphi umuntu onjengoJobe
ophuza usulu njengamanzi,
8ohamba ngokwazana nabenza okubi,
ahambisane nabantu ababi, na?
9 Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu
ukuba azane noNkulunkulu.’
10 “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda;
makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi,
nakuSomandla ukuba enze ukona.
11 Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe,
atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.
12 Impela uNkulunkulu akenzi okubi;
uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.
13Ngubani owambeka phezu komhlaba na?
Ngubani owamisa izwe lonke na?
14Uma ebeyakuzibheka yena,
azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,
15 inyama yonke ibiyakufa kanyekanye,
umuntu abuyele othulini.
16“Uma unengqondo, yizwa lokhu,
ulalele izwi lokukhuluma kwami.
17 Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na?
Uyakumlahla olungileyo nonamandla
18oshoyo enkosini ukuthi:
‘Muntu omubi,’
nasezikhulwini: ‘Mashinga,’
19 ongakhethi ubuso bezikhulu,
onganaki ocebileyo kunompofu, na?
Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
20 Bayafa ngokuphazima kweso;
phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,
banyamalale;
amaqhawe ayasuswa,
kepha kungengasandla.
21 “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu;
ubona zonke izinyathelo zakhe.
22 Abukho ubumnyama,
nethunzi lokufa alikho,
lapho abenza okubi bengacasha khona.
23Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntu
ukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.
24 Uyaphahlaza abanamandla,
kungahlolwanga,
amise abanye ezikhundleni zabo.
25Ngalokho uyazi imisebenzi yabo;
uyabagumbuqela ebusuku,
bachotshozwe.
26Uyabashaya njengababi
endaweni lapho bebonwa khona,
27ngokuba bachezuka ekumlandeleni,
abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,
28 baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye,
wezwa ukukhala kwabahluphekayo.
29Lapho yena ethula,
ngubani ongalahla,
nalapho ethukusa ubuso bakhe,
ngubani ongambona na?
Ubusa ngokufananayo,
noma kuyisizwe noma kungumuntu,
30ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu,
abantu bacushwe.
31“Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu:
‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?
32Lokhu engingakuboni,
ngifundise khona;
uma ngenzile okubi,
angisayikukuphinda.’
33Uyakuphindisela njengokuthanda
kwakho, lokhu ukwenqaba, na?
Ngokuba nguwe ozakukhetha,
akusimina;
khuluma okwaziyo.
34“Abantu abanokuqonda bayakusho kimi,
yebo, nezihlakaniphi,
lapho zingizwa, ziyakuthi:
35‘UJobe ukhuluma engenalwazi;
amazwi akhe awanangqondo.’
36Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni,
ngokuba uphendula njengabantu ababi.
37Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe;
ushaya ihlombe phakathi kwethu,
andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 34: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo