UJobe 20

20
Inkulumo yesibili kaSofari: injabulo yababi imfushane
1Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:
2“Ngalokho imicabango yami iyangiphendula
ngenxa yokushesha okuphakathi kwami.
3 Ngiyezwa insolo engihlazisayo,
kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.
4“Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo,
selokhu abantu babekwa emhlabeni,
5ukuthi ukujabula kwababi kufushane,
nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu
kungokokuphazima kweso nje, na?
6Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini,
nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,
7uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe;
abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’
8 Uyakundiza njengephupho,
angabe esafunyanwa;
uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.
9 Iso elalimgqolozela alisamboni,
nendawo yakhe ayisamboni.
10Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu,
izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.
11Amathambo akhe agcwele ubusha,
kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.
12“Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,
noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13noma ebugodla engabushiyi,
kepha ebugcina emlonyeni wakhe,
14kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,
kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.
15Ugwinyile ingcebo;
uyakubuye ayihlanze;
uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.
16Uyakumunca isihlungu samabululu;
ulimi lwenyoka luyakumbulala.
17Akayikubuka imifula,
iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.
18 Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi;
ngempahla ayitholileyo akayikujabula.
19 Ngokuba ucindezele,
washiya abampofu;
uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.
20“Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe;
kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.
21Akusalanga lutho angaludlanga;
ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.
22Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa;
izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.
23 Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe,
uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe,
akunise phezu kwakhe esekudleni.
24Uyabalekela isikhali sensimbi,
kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.
25Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe;
nxa uphuma unyampuza enyongweni,
abesehlelwa yingebhe.
26Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe;
umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla,
uchithe okusele etendeni lakhe.
27Izulu liyakwambula ububi bakhe,
umhlaba umvukele.
28Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka,
inyamalale ngomuhla wentukuthelo.
29 Lesi siyisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu,
nefa alinqunyelweyo nguNkulunkulu.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 20: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume