UJobe 2:1-8

UJobe 2:1-8 ZUL59

Kwathi futhi ngelinye ilanga afika amadodana kaNkulunkulu, ema phambi kukaJehova; noSathane wafika phakathi kwawo ukuba eme phambi kukaJehova. UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uJehova, wathi: “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.” Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.” USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.” UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini. Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.

Funda UJobe 2